Umfelokazi ufuna izimpendulo ngoBelaid

2013-02-26 14:02

Tunis -  Umfelokazi wesishoshovu seqembu eliphikisayo eTunisia uChokri Belaid, usenxenxe abaphathi ukuba bathole labo ababengongqondongqondo ekubulaweni komyeni wakhe, kulandela ukuboshwa komsolwa.

"Kuyajabulisa ukwazi ukuthi ngubani owayephethe isikhali, kodwa kimina kubalulekile ukuthi ngazi ukuthi wayethunywe ngubani, ngoba lobu kwaba ngubugebengu obabuhlelwe ngobuchule,” kusho uBasma Belaid etshela isiteshi somsakazo i-Europe 1 ngesikhathi ehambele eParis.

"Sifuna ukuthi konke kuhlale obala," esho.

Umsolwa ekubulaweni kukaBelaid, nowayehamba phambili ekugxekeni ukubusa kwama-Islam eTunisia kwavusa isimo esingesihle sezombusazwe, kusho amaphoyisa.

UBelaid, 48, wadutshulwa esekhaya lakhe eTunis ngoFebhuwari 6.


 - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho

 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter


- Sapa - AFP

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Phawula kulolu daba
0 izimpawulo
Faka ukuphawula kwakho
Phawula 0 izinhlamvu esezisele
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 15-25°C Sunny. Mild. Pta: 5-22°C Sunny. Mild.
Jhb: 3-17°C Sunny. Refreshingly cool. Bloem: 3-20°C Sunny. Mild.
Dbn: 10-21°C Mostly sunny. Cool. PE: 13-22°C Sunny. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...