Umengameli uquleke emcimbini kwathiwa unomalaleveva

2015-03-08 14:30

Lusaka – UMengameli waseZambia u-Edgar Lungu uhlaselwe yisifo sikamalaleveva ngemuva kokuqulela emcimbini we-International Women’s Day ngokusho kombiko.

Kubikwa ukuthi uMengameli Lungu ube imizuzu engu-20 ebukela abesifazane bemasha bedlule phambi kwakhe ngaphambi kokuthi asakazeke phansi aquleke.

Ithimba labaqaphi bakhe bamphuthume bazama ukumtholela usizo lwezempilo ngokushesha njengoba kwaziwa ukuthi unesifo sikashukela.

OLUNYE UDABA: Uyashisa umbango wesikamengameli eZambia

Ngemuva kwemizuzu eyishumi esakazeke phansi osebenzela ihhovisi likaMengameli u-Amos Chanda umemezele ukuthi uLungu uhlaselwe yisifo sikamalaleveva.

Kubikwa ukuthi bakwazile ukumhlenga njengoba ngemuva kwemizuzu ukwazile ukukhuluma nezinkumbi zabantu lapho ebatshele khona ukuthi akazizwa kahle kodwa wabanxusa ukuthi bangabi netwetwe.

ULungu ugcotshwe ngokusemthethweni ngomhlaka 25 kuJanuwari kulo nyaka ukuba abe nguMengameli waseZambia ngemuva kokudlula emhlabeni kukaMaichael Sata ngonyaka owedlule.

       - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho

 

         - Landela IzindabaNews24 kuTwitter

- SAPA

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Phawula kulolu daba
0 izimpawulo
Kuvaliwe ukuphawula kulolu daba.
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 10-18°C Sunny. Mild. Pta: 9-24°C Sunny. Mild.
Jhb: 7-20°C Sunny. Mild. Bloem: 3-20°C Sunny. Mild.
Dbn: 17-22°C Partly cloudy. Cool. PE: 10-20°C More sun than clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...