Umehlokaboni kozokhomba ababulele intatheli

2013-02-18 07:39

Nairobi - Uhulumeni waseSomalia usekhiphe umehlokaboni ka-$50 000 kongaba nolwazi olungaholela ekuboshweni kwaloyo obulale intatheli.

UMohamed Ibrahim, ongomunye wezintatheli ezinegalelo elibonakalayo ezweni, ukuncomile lokhu kusukuma kukahulumeni, okumenyezelwe nguNdunakulu u-Abdi Farah Shirdon.

Okungenani bangu-18 abasebenzi bezezindaba ababulawa ezweni ngonyaka owedlule, okuyisibalo esabe sisikhulu kakhulu, silandela leso sokubulawa kwezintatheli ezweni elibhekene nempi iSyria.

"Akwamukelekile ukubulawa ngisho kweyodwa intatheli," kusho umyalezo kaShirdon, ngesikhathi abhala kuTwitter, eqinisekisa nangomehlokaboni.

"Umthetho ufuna bajeze ababulale intatheli," eqhuba.

Izintatheli zaseSomalia zibulawa ezehlakalweni ekuthiwa zisuke ziqhutshwa ngamaqembu adlelana ne-Al Qaeda.




 – "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.

 – Landela Izindaba News24 kuTwitter (@IzindabaNews24).


NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Phawula kulolu daba
0 izimpawulo
Kuvaliwe ukuphawula kulolu daba.
Ezifundwe ukuzedlula zonke
Ezi-emailwe ukuzedlula zonke
Ezithasiselwe ukuzedlula zonke
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 16-26°C High level clouds. Mild. Pta: 20-30°C Heavy rain late. Afternoon clouds. Warm.
Jhb: 17-26°C Flash floods. Afternoon clouds. Warm. Bloem: 18-32°C High level clouds. Pleasantly warm.
Dbn: 19-24°C More clouds than sun. Mild. PE: 15-23°C Sunny. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...