Umbutho wezempi eDRC uhlasele amavukelambuso
2012-05-18 12:07
Goma - Umbutho wezempi eDemocratic Republic of Congo uhlasela izindawo okusolakala ukuthi ziyisizinda zamavukelambuso alwisana nawo, kusho umthombo kulo mbutho.
Umbutho wezempi uhlasele ngeziqhumane ezinamandla ezintabeni zaseMbuzi naseTchanzu esifundazweni iNord-Kivu kanti akukho muntu obalwisile.
Okhulumela labo shayasibhamu uthi yize kulimale idlanzana, kodwa abasatshiswa ngenyoka efile.
"Besilokhu siqaphile lapho besimi ngakhona," kusho uVianney Kazarana, etshela i-AFP.
La mavukelambuso, okusolakala ukuthi abalelwa emakhulwini, ankanise emngceleni weRwanda ne-Uganda.
- “Like”
ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho
- Landela
IzindabaNews24 kuTwitter