Umakoti usola umyeni ngokuzitika ngocansi nonina

2014-11-26 17:32

Bulawayo – Uhlukene phakathi umndeni wakwaBulawayo endaweni ebizwa ngokuthi kwaMzilikazi kulandela izinsolo zokuthi owesilisa oshadile uzitika ngocansi nonina. 

Ngokubika kwe-MyZimbabwe lezi zindaba zivele eNkantolo yamaLungelo yakwaBulwayo lapho kuzwakale ukuthi uLetwini Gwatidzo eyise umakoti wendodana yakhe enkantolo ukuze athole isivumbezelo.

Kubikwa ukuthi uTheresa Makoni ubehlukumeza umamezala wakhe uGwatidzo emthuka futhi emsola ngokuthi uzitika ngocansi nenganenendodana. 

Kubikwa ukuthi uMakoni nomyeni wakhe bahlala ndawonye nomamezala uGwatidzo.  

“UTheresa Makoni umakoti wendodana yami kodwa uyanguhlukumeza angibize ngayoyonke inhlamba ongayicabanga.

OLUNYE UDABA: Umndeni ubulale umakoti umsola ngokuthakatha

Okungiphatha kabi kakhulu wukuthi ungisola ngokuthi ngilala nomyeni wakhe oyindodana yami engiyizalayo kanti ngelinye ilanga wangisabisa ngokungititinya ngemvubu,” uGwatidzo echazela inkantolo. 

Nakuba uMakoni ekuphikile ebekushiwe ngumamezala wakhe kodwa uyakuqinisekisa okokuntshona komyeni wakhe nonina.

“Ngelinye ilanga ngabona imiyalezo yothando umyeni wami ayethumelana nayo kumama wakhe,” kuchaza uMakoni enanela ngokuthi kungamampunge okushiwo ngumamezala wakhe ngaye.

     - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho

 

          - Landela IzindabaNews24 kuTwitter

- News24

Phawula kulolu daba
2 izimpawulo
Kuvaliwe ukuphawula kulolu daba.
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 15-17°C Showers late. Partly cloudy. Cool. Pta: 17-28°C Rain showers. Morning clouds. Warm.
Jhb: 16-23°C Showers early. High level clouds. Mild. Bloem: 13-29°C Sunny. Pleasantly warm.
Dbn: 19-24°C Showers early. Morning clouds. Mild. PE: 12-21°C Afternoon clouds. Cool.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...