Ukuhlasela kulimaze amaphoyisa eLibya

2012-12-13 12:05

Benghazi - Kulimale cishe amaphoyisa amabili ngesikhathi kuhlaselwa isiteshi samaphoyisa eBenghazi empumalanga yeLibya, kubike abezindaba bakuleliya lizwe ngoLwesine.

Lokhu kwenzeke ntambama ngoLwesithathu kwenziwa ngoshayasibhamu abangaziwa abaphose ibhomu eshaye  iphoyisa ngaphandle kwesiteshi, kusho abezindaba zaseLibya iLANA.

Umsolwa oyedwa ubanjwe wavalelwa kulandela lokhu kuhlasela, okucekele phansi imoto yamaphoyisa kanye nengaphambili lebhilidi, kusho abezokuphepha betshela abezindaba.

Abezokuphepha abalidalulanga igama lomsolwa noma imbangela yokuhlasela.

Lokhu kuhlasela kungokwakamuva odlameni lwaseBenghazi, okuyindawo okwazalelwa kuyona owayengundlovukayiphikiswa uMuammar Gaddhafi owaketulwa ngonyaka odlule.

NgoSepthemba, inxusa laseMelika eLibya kanye nezinye izithunywa ezintathu zabulawa khona eBenghazi ekuhlaseleni okukholakala ukuthi kwenziwa ama-Islamists.


 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter


- Sapa - AFP

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Phawula kulolu daba
0 izimpawulo
Faka ukuphawula kwakho
Phawula 0 izinhlamvu esezisele
Ezifundwe ukuzedlula zonke
Ezi-emailwe ukuzedlula zonke
Ezithasiselwe ukuzedlula zonke
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 17-21°C a few showers. Morning clouds. Mild. Pta: 18-24°C Light rain. Morning clouds. Mild.
Jhb: 15-20°C Scattered showers. Decreasing cloudiness. Mild. Bloem: 16-25°C Numerous showers. Partly sunny. Mild.
Dbn: 19-28°C Showers late. Afternoon clouds. Warm. PE: 17-22°C More sun than clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...