Ukhohlakele uRobert Mugabe - Ungqongqoshe

2012-10-29 12:07

Cape Town - UNgqongqoshe woMnyango wezokuMbiwa Phansi naMandla eZimbabwe, u-Elton Mangoma usekhombe ngenjumbane uMengameli wezwe uRobert Mugabe wathi ukhohlakele, esho kulandela isenzo sokuboshwa nokushaywa kwamalungu eqembu eliphikisayo.

UMangoma uphinde abe yiSekela likaMgcinimabhuku eqenjini eliphikisayo iMovement for Democratic Change, ukhulume wagxeka uMugabe ngesikhathi ekhuluma nemindeni engu-31 yalabo abaziwa ngele-31 Glen View Activists, ababhekene necala lokubulawa kwephoyisa okwenzeka ngonyaka owedlule.

"UMugabe nguye ophethe izikhiye zodlame kanjalo nezokuthula, uma etshela abantu ukuthi abayeke udlame nakanjani bazoluyeka," esho.

"Muva nje bekade lungekho udlame, ngoba wakhuluma wathi lungabi khona, uma ethi azishe, kuqala phansi futhi," kusho uMangoma, ecashunwa yiphephandaba iZimbabwe mail.

"UMugabe ukhohlakele, bonani lokhu ngokushaywa nokuboshwa kwabantu kwenziwa sengathi kugcinwa umthetho."



 – "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.

 – Landela Izindaba News24 kuTwitter (@IzindabaNews24).


- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Phawula kulolu daba
0 izimpawulo
Faka ukuphawula kwakho
Phawula 0 izinhlamvu esezisele
Ezifundwe ukuzedlula zonke
Ezi-emailwe ukuzedlula zonke
Ezithasiselwe ukuzedlula zonke
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 16-26°C Sunny. Warm. Pta: 17-26°C Heavy rain early. Morning clouds. Pleasantly warm.
Jhb: 12-20°C Numerous showers. Mostly cloudy. Mild. Bloem: 14-27°C Showers late. More clouds than sun. Pleasantly warm.
Dbn: 17-18°C Rain showers. More clouds than sun. Cool. PE: 15-20°C More sun than clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...