Uhulumeni waseSomali uvulele odlwenguliwe icala

2013-02-01 12:00

Mogadishu - Inhlangano yamalungelo abantu ithi uhulumeni waseSomalia usethwese icala owesifazane owakhuluma wathi udlwengulwe ngamaphoyisa akhe uhulumeni, waphinde wathwesa icala nentatheli eyayiphosa lona wesifazane imibuzo.

Inhlangano lena ithi bathathu abantu abathweswe amacala, ithi nguye owesifazane, yintatheli kanye nomyeni wowesifazane - isitatimende senhlangano sithi kumele uhulumeni waseSomalia ayeke ukuqhubeka nokubeka abantu amacala ahlobene nezombusazwe.

Okunye inhlangano ekubalulayo, wukuthathelwa phezulu kwamacala ahlobene nokudlwengulwa nokuhlukunyezwa kwabantu besifazane, ekuthiwa kwenziwa ngamaphoyisa kahulumeni.

Kuthiwa kudla lubi ukudlwengula eMogadishu, la kukhoseliswe khona abantu abaningi ababaleka bashiya amakhaya abo ngo-2011, bexoshwa yindlala.

Kusolwa amasosha kahulumeni wezwe ngokudlwengulwa kwabantu besifazane okuqhubeka kule nkambi.



 – "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.

 – Landela Izindaba News24 kuTwitter (@IzindabaNews24).

- Sapa - AP

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Phawula kulolu daba
0 izimpawulo
Faka ukuphawula kwakho
Phawula 0 izinhlamvu esezisele
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 16-21°C Morning clouds. Mild. Pta: 15-29°C Morning clouds. Pleasantly warm.
Jhb: 13-24°C Morning clouds. Mild. Bloem: 12-24°C Sunny. Mild.
Dbn: 19-24°C Showery. Breaks of sun late. Mild. PE: 15-21°C More sun than clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...