Uhulumeni waseMoz uzohlangana namaphekula

2012-11-23 14:03

maputo - Uhulumeni waseMozambique usuvumile ukubamba izingxoxo nalabo ababengamavukelambuso eqembu iRenamo, elaliholwa ngu-Afonso Dhlakama, obuye ekubhaceni ngenyanga eyedlule esabisa ngokwenza izwe lingalawuleki uma uhulumeni enqaba ukuhlangana naye kubanjwe izingxoxo.

"Emhlanganweni weKhabhinethi wangoLwesine, kunqunywe ukuthi iKhabhinethi lihlangane namalungu amane eqembu likaRenamo," kusho umsakazo iRadio Mozambique.

Uhulumeni uhlanganisa ithimba elizohlangana nalezi zihonga, ithimba likahulumeni lihlanganisa uNgqongqoshe wezeLimo uJose Pacheco kanye namanye amasekela ongqongqoshe.

Iqembu likaRenamo lizoholwa nguNobhala Jikelele walo uManuel Bissopo.

Eminyakeni engu-20 eyedlule iqembu elibusayo iFrelimo, yasayina isivumelwano sokuqeda udlame noRenamo eRome, lokhu kwaholela ekupheleni kwempi eyabe isidlule nemiphefumulo eminingi yabantu baseMozambique.


 – "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.

 – Landela IzindabaNews24 kuTwitter (@IzindabaNews24).

- Sapa - AFP

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Phawula kulolu daba
0 izimpawulo
Faka ukuphawula kwakho
Phawula 0 izinhlamvu esezisele
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 16-22°C Morning clouds. Mild. Pta: 16-30°C More sun than clouds. Pleasantly warm.
Jhb: 13-25°C Sunny. Pleasantly warm. Bloem: 12-31°C Sunny. Pleasantly warm.
Dbn: 16-23°C More sun than clouds. Mild. PE: 16-22°C Sunny. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...