Ugwetshiwe owadlwengula indodakazi yakhe

2014-09-09 17:34

Harare - Isikhulu sebandla silahlwe ngamacala amathathu okudlwengula ingane yaso yentombazane, eyayineminyaka engu-13 ubudala ngaleso sikhathi, sase sigixabezwa ngeminyaka engu-12 sibhadla ejele.

Lo mholi webandla, 53, waseChinamasa Village, eZimbabwe, ngaphansi kweNkosi uGambiza, ngeke likhishwe igama lakhe ukuze kuvikelele indodakazi yakhe.

Kuthiwa ummangalelwa wadlwengula le ngane kabili ngoSepthemba 2011 wayiphinda futhi ngoJanuwari nonyaka.

IMantshi uMorgan Nemadire ube esegweba lo mfundisi iminyaka engu-12 wathi emithathu iyalengiswa ngombandela wokuthi uziphatha kahle.

OLUNYE UDABA: Udlwengule indodakazi ngoba encishwe ucansi

Isisulu sineminyaka engu-16 ubudala manje.

Ingane kuthiwa ibihlala nobaba wayo kusukela kwashona umama wayo.

Kuthiwa ubaba wayengena egumbini lokulala lengane ayitshele emakhaleni ukuthi ufuna ukulala nayo, kwathi ngelinye ilanga inqaba wayibamba ngesidlozane wayidlwengula.

Inkantolo ilalele ukuthi ummangalelwa wasabisa ngokuyibulala le ngane uma ike yathi vu ngale ndaba.


 - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho

 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter


- News24

Phawula kulolu daba
0 izimpawulo
Kuvaliwe ukuphawula kulolu daba.
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 15-17°C Showers late. Partly cloudy. Cool. Pta: 17-28°C Rain showers. Morning clouds. Warm.
Jhb: 16-23°C Showers early. High level clouds. Mild. Bloem: 13-29°C Sunny. Pleasantly warm.
Dbn: 19-24°C Showers early. Morning clouds. Mild. PE: 12-21°C Afternoon clouds. Cool.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...