Ufake unkosikazi enkantolo efuna isondlo

2014-02-18 14:00

Harare - Indoda yaseZimbabwe, isibabele enkantolo yafaka icala lesonto ethi kumele engabe sikhishwa unkosikazi wayo.

Ngokusho kwabe-dailynews.co.zw, uCalisto Mapfumo uthi usekhathele ukuncenga unkosikazi wakhe angahlali naye, ukuthi akhiphe isondlo.

UMapfumo wafaka enkantolo unkosikazi wakhe uCharity Chitsa, 30, ethi ufuna akhokhe isamba esingu-$200, ondle abantwana babo abathathu.

Laba bashadikazi bahlukana ngoFebhuwari nyakenye, uMapfumo wasala nabantwana.

Ngenyanga kaNovemba, inkantolo yanquma yathi kumele uChitsa akhiphe isondlo sika-$60 ngenyanga, kuze kube abantwana bahlanganisa iminyaka engu-18 ubudala, umntwana ngamunye.

Icala libuyele enkantolo njengoba sekuphele izinyanga ezintathu uChitsa engasikhiphi isondlo.

“Kuphele umsebenzi, inkampani ebengiyisebenzela yavalwa," kuziphendulela owesifazane.

Icala lizobuyela ngaphambi kwenkantolo mhlaka-27 Febhuwari.


 – "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.

 – Landela IzindabaNews24 kuTwitter (@IzindabaNews24).


- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Phawula kulolu daba
2 izimpawulo
Kuvaliwe ukuphawula kulolu daba.
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 14-21°C Sunny. Cool. Pta: 18-28°C More sun than clouds. Warm.
Jhb: 15-25°C Drizzle. Morning clouds. Warm. Bloem: 10-23°C Sunny. Mild.
Dbn: 17-19°C Rain showers. Breaks of sun late. Cool. PE: 15-22°C Scattered showers. Morning clouds. Cool.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...