Ubelethile owaseSudan ozobulawelwa ubuKrestu

2014-05-29 15:46

Khartoum -Ubelethile owesifazane waseSudan, owagwetshwa intambo ngemuva kokuthi enqabe ukuguquka enkolweni yobuKrestu abesanda kuyikhetha.

Abezindaba i-Independent Al Sahafa and Akhbar Al Youm, babike bathi uMeriam Ibrahim,27, ubelethele emtholampilo e-Omdurman, ngaseKhartoum.

U-Ibrahim ogane indoda engumzalwane, wagwetshwa intambo ngemuva kokulahlwa yicala lokushintsha inkolo yakhe.

Ijaji lamvumela ukuthi angabulawa kuze kube uyabeletha aphinde ancelise isikhathi esiyiminyaka emibili.

Umthetho waseSudan awukuvumeli ukuthi abantu bashiye ubuSulumane baphenduke abazalwane benkolo yamaKrestu.





 – "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.

 – Landela IzindabaNews24 kuTwitter (@IzindabaNews24).

- Sapa - AP

Phawula kulolu daba
3 izimpawulo
Kuvaliwe ukuphawula kulolu daba.
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 10-19°C Sunny. Mild. Pta: 13-33°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 14-28°C Sunny. Pleasantly warm. Bloem: 12-28°C Morning clouds. Pleasantly warm.
Dbn: 15-19°C a few showers. More clouds than sun. Cool. PE: 13-16°C Mostly sunny. Cool.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...