UZuma uhalalisele abaholi baseSudan

2012-09-28 14:00

Johannesburg - UMengameli uJacob Zuma usehalalisele ubuholi baseSudan neSouth Sudan ngesivumelwano obube naso ngomngcele ophakathi kwala mazwe womabili, kusho uMnyango wezangaPhandle kuleli ngoLwesihlanu.

"Ngithanda ukuthatha leli thuba ngibonge omengameli bawo womabili amazwe ngokuphumelela kwabo ekufinyeleleni esivumelwaneni," kusho isitatimende sikaZuma.

"Siyethemba ukuthi iSudan neSouth Sudan, ngemuva kwezivumelwano ezibe khona, bazokwazi ukubambisana kuyiwe phambili kusizakele abantu baseSudan naseSouth Sudan."

UMengameli waseSudan u-Omar Al-Bashir noMengameli weSouth Sudan uSalva Kiir Mayardit, bavumelane ngezokuphepha, ezithinta ukusebenza kwemingcele kanjalo nezokuthuthwa kukawoyela, kuchaza okhulumela uMnyango wezangaPhandle uClayson Monyela.




 – "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.

 – Landela IzindabaNews24 kuTwitter (@IzindabaNews24).

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Phawula kulolu daba
0 izimpawulo
Kuvaliwe ukuphawula kulolu daba.
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 9-15°C Afternoon clouds. Cool. Pta: 8-19°C Rain late. Afternoon clouds. Mild.
Jhb: 5-14°C Showers late. Afternoon clouds. Cool. Bloem: 6-9°C Tons of rain. Mostly cloudy. Cool.
Dbn: 12-14°C Tons of rain. Mostly cloudy. Cool. PE: 12-14°C Passing showers. Afternoon clouds. Cool.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...