UTutu ugxeke i-Uganda ngomthetho
2012-12-12 14:01
Kampala - UMbhishobhi uDesmond Tutu uthi uhulumeni wase-Uganda akachithe umthetho othi kumele kujeziswe abantu abathandana nabanobulili obufanayo, kusho umbiko wangoLwesithathu.
"IPhalamende lase-Uganda alikholakali....lingaqala kanjani liphasise umthetho onokucwasa ngalolu hlobo, onenzondo ebhekiswe kubantu bezwe," kubhala uTutu, encwadini eshicilelwe ku-Daily
Monitor.
UTutu owahlomula indodo iNobel Peace Prize, ufanise lo mqulu wase-Uganda nemithetho kahulumeni wobandlulo waseNingizimu Afrika, owabe uhlukanisa abamnyama nabamhlophe.
"UNkulunkulu akaze athi omhlophe ungcono kunomnyama noma omude ungcono kunomfishane noma athi umdlali webhola lezinyawo ungcono kunomdlali we-basketball noma athi abenkolo yamaKrestu bangcono kunamaSulumane okanye athi othandana nabobulili obufanayo bangcono kunabathandana nobunye ubulili," kubhala uTutu.
– "Like" ikhasi lethu
ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.
– Landela Izindaba News24 kuTwitter
(@IzindabaNews24).
- Sapa - AFP