UTsvangarai uncoma eyokuxegiswa konswinyo

2012-07-24 12:05

Harare - UNdunankulu waseZimbabwe uMorgan Tsvangirai usishayele ihlombe isiphakamiso se-European Union sokuxegisa unswinyo lwaseZimbabwe lweminyaka eyishumi.

I-EU iveze ukuthi ingase ixegise unswinyo uma iZimbabwe izibophezelela ekubambeni ukhetho olukhululekile futhi kubhalwa kabusha uMthethosisekelo.

"Ngiyancamela ukuthi kuxegiswe unswinyo, kumele abaholi eZimbabwe bahlale phansi babonisane futhi kugcinwe izivumelwano zeSADC," kusho uTsvangirai, esitatimendeni.

"Ukuphumelela kodaba oluthinta uMthethosisekelo yilo oluzosiza kuhambe ngendlela zonke izinto ngokuxegiswa konswinyo, bese iZimbabwe ithola inqubekela phambili."

Abaholi be-EU abahlangene eBrussels bavumelane ngokuthi kuqalelwe kukhulunywe indaba yokuhanjiswa kosizo eZimbabwe.


 – "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.

 – Landela IzindabaNews24 kuTwitter (@IzindabaNews24).

- Sapa - AFP

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Phawula kulolu daba
0 izimpawulo
Faka ukuphawula kwakho
Phawula 0 izinhlamvu esezisele
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 13-15°C Rain showers. Mostly cloudy. Cool. Pta: 13-32°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 14-26°C Sunny. Pleasantly warm. Bloem: 8-20°C More sun than clouds. Mild.
Dbn: 17-36°C Sprinkles late. More sun than clouds. Hot. PE: 15-21°C Showers early. Partly sunny. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...