URobert Mugabe ubonge uNkulunkulu

2013-02-21 10:01

Harare - UMengameli waseZimbabwe uRobert Mugabe ubonge uNkulunkulu wathi nguye oyisizathu sokuthi aphile iminyaka eminingi kangaka, esho lokhu ngesikhathi egubha usuku lwakhe lokuzalwa ngoLwesithathu.

UMugabe ubeqeda iminyaka engu-89 edla anhlamvana, wakhuluma wathi unomzwangedwa njengoba eselahlekelwe ngabangani abaningi kanye nezihlobo.

"Nguye uMdali wethu owenza ngibe lana namanje, eminyakeni engu-89," kusho uMugabe etshela abantu abakade ebehambele umcimbi wakhe wosuku lokuzalwa.

"Uma ukule minyaka, awukwazi ukungacabangi ukuthi ngayizolo, noma phambilini, benibaningi. Abasekho bonke abangani bami nezinye izihlobo. INkosi isangigcinile," kusho uMugabe.

Umcimbi ubuhanjelwe yizikhulu zikahulumeni kanye nezikhulu ehhovisi lakhe uMugabe.

UNobhala uMisheck Sibanda udlulisele ikhekhe kuMugabe, ebelikade lihambisana nomlayezo ophuma kubasebenzi.

Umculi wowokholo uShingisai Siluma, ushaye izingoma ebezicelwe nguMugabe, wathokozisa izethameli.




 – "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.

 – Landela Izindaba News24 kuTwitter (@IzindabaNews24).


- AFP

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Phawula kulolu daba
0 izimpawulo
Faka ukuphawula kwakho
Phawula 0 izinhlamvu esezisele
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 15-22°C Morning clouds. Mild. Pta: 15-30°C Showers early. Morning clouds. Pleasantly warm.
Jhb: 12-24°C Showers early. Morning clouds. Mild. Bloem: 12-24°C Sunny. Mild.
Dbn: 18-21°C Rain showers. More clouds than sun. Cool. PE: 15-21°C Scattered clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...