URavalomanana ngeke alungenele ukhetho
2012-12-12 12:01
Dar Es Salaam - Owayengumholi waseMadagascar uMarc Ravalomanana ngeke awungenele umjaho wokhetho kodwa ufuna ukubuyela ekhaya lakhe njengoba ebedingiswe eNingizimu Afrika, kusho uMengameli waseTanzania uJakaya Kikwete esitatimendeni.
URavalomanana "umemezele ukuthi ngeke abe yingxenye yokhetho lukamengameli lwangonyaka ozayo noluzoba ngumhlahlandlela wokuzama ukuxazulula ezombusazwe ezisengozini kuleliya lizwe," kusho uKikwete esitatimendeni.
Lesi sitatimende sikhishwe ngemuva kokuthi umholi lo ehlangene noRavalomanana, nowakhishwa ngendluzula esikhundleni sakhe.
- “Like”
ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho
- Landela
IzindabaNews24 kuTwitter
- Sapa - AFP