URajoelina uzimisele ngekhasi elisha
2013-01-16 07:16
Antananarivo - UMengameli waseMadagascar u-Andry Rajoelina uthe ngeke alungenele ukhetho lwangoMeyi, egobela umthetho wamazwe omhlaba okuthi izwe liqale kabusha.
Leli lizwe elihaqwe ububha laba senkingeni kusukela kwakhishwa ngendluzula uMarc Ravalomanana ngo-2009, nokwabalekisa abatshalizimali nezivakashi.
Abaholi bamazwe babe sebecela uRajoelina ukuthi athi khumu kwezepolitiki ukuze kuqinisekiswe ukuthula.
“Ngeke ngilungelene ukhetho lobumengameli. Kuncono ngizinikele mina kunokuthi ngidayise abantu abangu-22 million bezwe ngenxa yokuthi sifuna ukuthula," kusho uRajoelina.
- “Like”
ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho
- Landela
IzindabaNews24 kuTwitter
- Reuters