URaila Odinga ugcwele ukuzethemba

2013-01-15 12:03

Nairobi - UNdunankulu waseKenya uRaila Odinga uthe akungabazeki ukuthi uzolunqoba ngentambo ende ukhetho emzuliswaneni wokuqala oluzoba ngoMashi 4, njengoba esezama ukwesithathu ukuthola lesi sikhundla esiphezulu.

"Ngiyazethemba ukuthi ngizokwazi ukunqoba umzuliswano wokuqala," esho ngesikhathi ekhuluma nabe-AFP, ethi ufisa sengathi kungaba nokhetho olukhululekile nolungenakwenzelela, olungahambisani nodlame njengoba kwenzeka eminyakeni eyisihlanu eyedlule.

"Okhethweni olwedlule abantu bakhala ngenkohlakalo. Kwabheduka imibhikisho, sithemba ukuthi izinto zizohluka kulokhu," esho.

Ukuphawula kwakhe kuza ngemuva kokuthi i-UN ixwayise ngokukhuphuka kodlame ngaphambi kokhetho.

U-Odinga, 68, wangenelela ukhetho ngo-1997, wakhala ngaphansi.


 - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho

 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter

- AFP

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Phawula kulolu daba
0 izimpawulo
Faka ukuphawula kwakho
Phawula 0 izinhlamvu esezisele
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 10-18°C High level clouds. Mild. Pta: 2-21°C Sunny. Mild.
Jhb: 3-16°C Sunny. Refreshingly cool. Bloem: 0-19°C Morning clouds. Mild.
Dbn: 7-22°C Sunny. Mild. PE: 11-18°C High level clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...