UMugabe uthi uCameron ubuswa nguSathane
2011-11-24 16:26
Harare - UMengameli waseZimbabwe, uRobert Mugabe, usebize uNdunankulu waseBrithane, uDavid Cameron ngosathane ngokuthi bacabanga ukungawaniki usizo amazwe angawahloniphi amalungelo abantu abathandana bengabobulili obufanayo, kusho abezindaba ngoLwesine.
"Kungubusathane uma uthola undunankulu onjengoCameron ethi amazwe afuna usizo lweBrithane kumele avumele abantu bobulili obubodwa bathandane," kusho uMugabe enkulumweni yakhe yangoLwesithathu eShurugwi.
Ngesikhathi kuphela ingqungquthela yeCommonwealth ngo-Okthoba, uCameron wathi amazwe athola usizo lwabo kumele ahloniphe amalungelo abantu, kanjalo nalabo abathandana bengabobulili obufanayo.
Lolu daba seluphinde lwavuka njengoba iZimbabwe ishicilela uMthethosisekelo omusha, kuphikiswana ngokufaka amalungelo ezithandani zobulili obufanayo benze njengeNingizimu Afrika engomakhelwane.
UMugabe akayizwa eyobulili obufanayo, enkulumeni yakhe yakamuva usabise ngokujezisa abathandana bengabobulili obufanayo baseZimbabwe.
– "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.
– Landela IzindabaNews24 kuTwitter (@IzindabaNews24).
- Sapa - AFP