UMubarak akabethembi odokotela - Ummeli

2012-06-13 09:05

Cairo - UMengameli waseGibhithe owachithwa esikhundleni uHosni Mubarak ungozimakhaza esibhedlela sasejele elashwa kuso njengoba exinwe wukugula, nokho ummeli wakhe uthi lo mholi akabethembi odokotela.

UMubarak, 84, oseqala ukululama wangena esibhedlela ngemuva kokugwetshwa udilikajele, ummeli wakhe uveze ukuthi lo mholi uyasaba ukuthi odokotela bazombulala.

Kusukela angena esibhedlela uMubarak isimo sakhe sintekenteke njengoba ebuye ahlangabezane nezinkinga zokungakwazi ukuziphefumulela.

Ummeli uFarid el-Deeb ukhulume kumabonakukse wacela ukuthi uMubarak athuthelwe esibhedlela esingcono ngenxa yesimo sakhe sempilo kanjalo nokungethembi kahle odokotela.

 – "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.

 – Landela IzindabaNews24 kuTwitter (@IzindabaNews24).


NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Phawula kulolu daba
0 izimpawulo
Faka ukuphawula kwakho
Phawula 0 izinhlamvu esezisele
Ezifundwe ukuzedlula zonke
Ezi-emailwe ukuzedlula zonke
Ezithasiselwe ukuzedlula zonke
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 13-17°C Showers early. More sun than clouds. Cool. Pta: 8-20°C Sunny. Mild.
Jhb: 5-13°C Mostly sunny. Refreshingly cool. Bloem: 0-13°C Sunny. Refreshingly cool.
Dbn: 12-21°C Showers early. More sun than clouds. Refreshingly cool. PE: 12-17°C Partly cloudy. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...