UMorsi uziphe izincomo

2012-10-08 07:24

Cairo - UMengameli waseGibhithe uMohammed Morsi uzincome ezintweni eziningi wathi ukwazile ukubhekana nezingqinamba ezibhekene nezwe lakhe njengoba esephethe.

Ukusho lokhu ngoMgqibelo ngesikhathi ethula inkulumo, wagxila kakhulu kuwoyela, ukuqoqwa kukadoti nasemananini okudla.

Lokhu kugxekwe ngabaningi njengoba kuthiwa ukushaye indiva ukukhuluma ngoshintsho ezweni ekutheni libuswe yintando yeningi.

UMorsi, 61, ungumengameli wokuqala ukuqokwa ngabantu kuleliya lizwe njengoba angena ezicathulweni zikaHosni Mubarak, 83, nowakhishwa ngendluzula ngesikhathi kuvukelwa uMbuso.

UMorsi uqhamuka kuMuslim Brotherhood.


 - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho

 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter


- Sapa - AP

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Phawula kulolu daba
0 izimpawulo
Kuvaliwe ukuphawula kulolu daba.
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 13-23°C Morning clouds. Mild. Pta: 4-28°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 7-24°C Sunny. Mild. Bloem: 2-25°C Sunny. Mild.
Dbn: 16-20°C Partly cloudy. Cool. PE: 12-19°C More sun than clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...