UMorsi ucele umhlangano nabaphikisayo

2013-02-25 14:03

Cairo - UMengameli waseGibhithe uMohamed Morsi usecele ukuthi kube nomhlangano phakathi kwakhe nabeqembu eliphikisayo, kuze kuzodingidwa kabanzi ngokhetho oluzobanjwa kungekudala njengoba kubikwa ukuthi kuzokuba nombhikisho.

"Ngiyamema bonke abafowethu abasemaqenjini aphikisayo eGibhithe ukuthi beze sibonisane...kumele sihlale phansi sikhulume ngenhloso yokuqinisekisa ukuthi ukhetho luba ngolukhululekile nolungenazihibe," kusho umengameli ekhuluma esiteshini sikamabonakude i-al-Mehwar.

Kulindeleke ukuthi izwe liye okhethweni mhlaka-22 Ephreli, amaqembu aphikisayo asezwakalise ukungahambisani nalolu khetho, ekhala ngokungabi khona kozinzo ezweni.

UMohamed ElBaradei ongumholi weqembu eiphikisayo iNational Salvation Front (NSF), umemezele ukuthi ukumele kube nombhikisho.

"Kumele kube nombhikisho kulwiswanwe nohulumeni ongaqhubi ngentando yabantu," kusho umbhalo ka-ElBaradei kuTwitter.




 – "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.

 – Landela Izindaba News24 kuTwitter (@IzindabaNews24).

- Sapa - AFP

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Phawula kulolu daba
0 izimpawulo
Faka ukuphawula kwakho
Phawula 0 izinhlamvu esezisele
Ezifundwe ukuzedlula zonke
Ezi-emailwe ukuzedlula zonke
Ezithasiselwe ukuzedlula zonke
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 12-19°C Sunny. Mild. Pta: 5-23°C Sunny. Mild.
Jhb: 4-18°C Sunny. Mild. Bloem: 4-22°C Sunny. Mild.
Dbn: 10-25°C Sunny. Mild. PE: 15-26°C Sunny. Warm.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...