UMbeki uxwayise iZimbabwe
2012-11-13 10:01
Johannesburg- Owayengumengameli kuleli uThabo Mbeki usexwayise labo abangogombela kwesabo eZimbabwe ukuba bayeke ukuzihlomulisa ngamadayimane ezwe, kubike iBusiness Day ngoLwesibili.
"Ukukhiqizwa kwamadayimane akumele kwenganyelwe abantu abanezinhloso zokuzihlomulisa abebakhe umbimbi nezinkampani zeziyamini ngezinhloso zokuzuza," kusho uMbeki.
"Njengoba ukhetho oluzoba ngonyaka ozayo lusondela eZimbabwe, kumele leli lizwe likhombise ukuthi alilona izwe eliqolayo."
UMbeki ubekhuluma engqungqutheleni kahulumeni waseZimbabwe emayelana nokuhweba ngamadayimane.
I-Associated Press ngoMsombuluko ibike ukuthi cishe angabiza u-$2 billion amadayimane ebiwa eZimbabwe.
- “Like”
ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho
- Landela
IzindabaNews24 kuTwitter
- SAPA