UGrace Mugabe 'uyindlovukazi yezwe'

2014-09-11 14:31

Cape Town – UNgqongqoshe wezobuLungiswa eZimbabwe u-Emmerson Mnangagwa kuthiwa utshele iPhalamendme ukuthi unkosikazi kaMengameli Robert Mugabe, uGrace, uyindlovukazi ekumele ihlonishwe abaholi bendabuko nabamaqembu aphikisayo.

Ngokombiko we-NewZimbabwe.com, uMnangagwa uthe uGrace “uyindlovukazi yezwe”.

OLUNYE UDABA: Ningamkhulumi kabi uGrace Mugabe - Zanu-PF
UMnangagwa usho lokhu ngesikhathi ephendula umbuzo ohlonywe yilungu leMovement for Democratic Change (MDC) uNelson Chamisa, obuze ukuthi ngabe abaholi bendabuko banalo na ilungelo lokugxambukela kwezombusazwe ngemuva kokuphasisa ukungena kukaGrace kwezepolitiki.

IThe Zimbabwe Mail icaphune uMnangagwa ethi akukho “okungalungile” ngokuthi amakhosi eseke uGrace ngoba vele “uyindlovukazi yethu sonke”.

UGrace, 49, usanda kwamukela isikhundla sokuqokelwa ekutheni ahole uphiko lwabesifazane eqenjini elibusayo iZanu-PF.



 - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho

 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter


- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Phawula kulolu daba
0 izimpawulo
Kuvaliwe ukuphawula kulolu daba.
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 12-22°C High level clouds. Mild. Pta: 14-29°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 12-25°C Sunny. Pleasantly warm. Bloem: 8-30°C Sunny. Pleasantly warm.
Dbn: 17-21°C Partly cloudy. Cool. PE: 15-19°C Decreasing cloudiness. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...