UBanda waseZambia ubhace kuleli
2013-02-15 07:24
Lusaka - UMengameli waseZambia uMichael Sata uveze ukuthi lowo angena ezicathulweni zakhe, uRupiah Banda, useNingizimu Afrika ukuzobhaca.
USata utshele izintatheli eLusaka ukuthi uBanda ugwema ukuphendula mayelana nezinsolo "zobugebengu" ezenzeka ngesikhathi esasemandleni, ngaphandle kokwenaba.
“Anazi ukuthi kungani uRupiah Banda
eye eNingizimu Afrika... Yingoba uyobhaca,” esho. “Kodwa akazi ukuthi singababela khona eNingizimu Afrika simcele abuye ukuze ezobhekana namacala akhe ezweni."
- “Like”
ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho
- Landela
IzindabaNews24 kuTwitter
- Sapa - AFP