U-Obama uxwayisa iRwanda ngolwaseDRC

2012-12-19 10:10

Washington - UMengameli waseMelika uBarack Obama ngoLwesibili ucele uMengameli waseRwanda uPaul Kagame ukuba ayeke ukweseka amavukelambuso ezweni laseDRC, kusho iWhite House.

Ikhiphe lesi sitatimende esishubile kulandela ukuba iWashington ifakele unswinyo abaholi ababili beqembu lamavukelambuso i-M23, ngoba besebenzise izingane ekubeni ngamasosha.

Enkulumweni noKagame ngocingo, u-Obama "uthe ukweseka nanoma ingayiphi indlela i-M23 akuhambisani nezifiso iRwanda enazo zokudala uzinzo nokuthula," kusho iWhite House.

U-Obama ubeke kabanzi kuKagame ukubaluleka kokuqeda konke ukwesekwa kwamavukelambuso eDRC, nobekungukugcina isethembiso sakhe asenza.


 

 - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho

 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter


- AFP

Phawula kulolu daba
0 izimpawulo
Kuvaliwe ukuphawula kulolu daba.
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 12-16°C High level clouds. Cool. Pta: 4-20°C Sunny. Mild.
Jhb: 3-16°C Sunny. Refreshingly cool. Bloem: 2-16°C Sunny. Cool.
Dbn: 9-24°C High level clouds. Mild. PE: 10-25°C High level clouds. Warm.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...