U-Obama ugqugquzele i-Ethopia

2012-08-24 14:07

Washington - UMengameli waseMelika uBarack Obama usenxuse abaholi base-Ethiopia wathi abaseke iziphakamiso zase-Addis Ababa kukhuliswe intando yeningi.

U-Obama usho kanjena njengoba kwedlule emhlabeni uNdunankulu uMeles Zenawi, oshone ngoLwesibili.

Ekhuluma ocingweni nePhini likaNdunankulu uHailemariam Desalegn, u-Obama udlulise amazwi enduduzo kubantu bonke base-Ethiopia.

U-Obama uthe uMeles obesebuse iminyaka engaphezu kwengu-20, usebenzele kakhulu izwe i-Ethopia, elwela ukuthula nokuphepha.

Ube esegqugquzela uHailemariam osezothatha izintambo wathi kumele akhulise ubuholi e-Ethopia, kukhuliswe intando yeningi kanye namalungelo abantu.
 


 – "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.

 – Landela IzindabaNews24 kuTwitter (@IzindabaNews24).


Phawula kulolu daba
0 izimpawulo
Kuvaliwe ukuphawula kulolu daba.
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 13-16°C Morning clouds. Cool. Pta: 9-22°C Sunny. Mild.
Jhb: 7-16°C Sunny. Refreshingly cool. Bloem: 5-18°C Mostly sunny. Mild.
Dbn: 14-20°C More sun than clouds. Cool. PE: 13-20°C More sun than clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...