'Someseka kuze kube sekupheleni uMugabe'

2013-01-29 12:01

Cape Town – Isikhulu seZanu-PF eZimbabwe, esifundeni iMatabeleland, uJonathan Nkanyezi, usefunge wagomela ekutheni bazoqhubeka nokweseka uMengameli Robert Mugabe ngisho angaguga aze avithike, kusho umbiko weNewsday ngoLwesibili.

Ekhuluma nabalandeli eHwange, uNkanyezi, uthe uzoqhubeka nokukhankasela ukuthi kwesekwe uMugabe ngisho noma esehamba ngesihlalo esinamasondo.

"Bathi uyikhehla, kodwa thina asikaze sikhulume lutho ngamaxhegu agcwele ebuholini babo," esho.

"Yithi esamqokela kulesi sikhundla.

"Akaze azifake ngenkani lapho ekhona, wakhethwa yithi ngokuthanda kwethu.

"Sizoqhubeka nokumeseka ngenxa yobuholi bakhe. Okwamanje nguyena kuphela umholi ongahola izwe ngempumelelo.


 - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho

 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter


- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Phawula kulolu daba
0 izimpawulo
Faka ukuphawula kwakho
Phawula 0 izinhlamvu esezisele
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 16-24°C Sunny. Mild. Pta: 17-31°C More sun than clouds. Pleasantly warm.
Jhb: 14-25°C High level clouds. Warm. Bloem: 15-31°C Morning clouds. Pleasantly warm.
Dbn: 17-24°C Morning clouds. Mild. PE: 16-20°C More sun than clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...