Sizokhula isibalo sabazalwayo e-Afrika – UN
2012-11-21 10:00
New York - Izibalo ngokuzalwa kwabantu zikhomba ukuthi ingane eyodwa kwezintathu ezizozalwa ngonyaka ka-2050, izobe izalwa ezwenikazi i-Afrika, kusho abe-UN Children's Fund.
Ucwaningo lwakwa-Unicef luthi emazweni adla kahle, yiMelika kuphela ezokhulelwa yisibalo sezingane ezizalwayo ngonyaka ka-2025.
Ukukhula kwesibalo sokuzalwa kwezingane kuthiwa kuzofaka izingqinamba njengoba inhlangano i-UN izibekele ukuthi kuthi kushaya unyaka ka-2015, ibe iphumelele emizamweni yokulwa nobubha, kusho isitatimende se-Unicef.
"IChina neNdiya kusazokuba yiwona mazwe anesibalo esiphezulu sabantu, iNigeria yona izoba nesibalo esiphezulu kakhulu sabantu abaneminyaka engaphansi kwengu-18 ubudala, kube khona izingane ezingu-31 million ezizobe sezizelwe ngonyaka ka-2025.
– "Like" ikhasi lethu
ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.
– Landela Izindaba News24 kuTwitter
(@IzindabaNews24).
- AP