Siyanyuka isiphithiphithi eCairo

2011-02-02 16:42

Cairo - Izinkulungwane zabalandeli banaMengameli wase-Egypt osenkingeni uHosni Mubarak bahilizisane namabhikishi abamelene nombuso eTahrir Square ngoLwesithathu, kusho abazibonele ngamehlo kanjalo nentatheli ye-AFP.

Ababhikishi bala macala womabili bajikijelane ngamatshe, njengoba umbhikisho wokuthi uMubarak aphume esikhundleni usungenele osukwini lwesishiyagalolunye.

Le mibhikisho ibingaphambi kwesikhungo esidume kakhulu emhlabeni i-Egyptian Museum.

Amasosha abeqaphe isimo kule mibhikisho kanti ke kube sekubulawa amafasitela elinye lamaloli amasosha. Amanye amasosha abezimele kude ecela abantu ukuthi behlise imimoya kodwa angagxambukela kulesi simo.

Intatheli ye-AFP ithi kulimale abantu abambalwa kulesi sigamek.

"Abahambisana neqembu lukaMubarak iNational Democratic Party kanye namaphoyisa abengawugqokile umfaniswano bagasele kule ndawo ukuzama ukuqeda lo mbhikisho," kusho omunye wababhikishi uMohammed Zomor, 63, etshela i-AFP.

- Sapa - AFP

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX

Sekuboshwe owengozi ebulale izintombi

Emizuzwini eyi-56 edlule
Phawula kulolu daba
0 izimpawulo
Faka ukuphawula kwakho
Phawula 0 izinhlamvu esezisele
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 14-16°C Afternoon clouds. Cool. Pta: 15-31°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 14-26°C Sunny. Pleasantly warm. Bloem: 13-28°C High level clouds. Pleasantly warm.
Dbn: 17-22°C Afternoon clouds. Mild. PE: 14-16°C Rain. Mostly cloudy. Cool.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...