Siyakhula esabashone eGhana

2012-11-08 16:20
Yabelani Shicilela

Accra - Siyakhula isibalo sabantu abashone ekuweni kwebhilidi eliyinxanxathela yezitolo e-Accra, eGhana, njengoba kumanje silele kwabayisishiyagalolunye, babe ngu-67 abatakuliwe.

"Kuze kube manje bangu-76 abatakuliwe, abayisishiyagalolunye kubo baphume sebeshonile. Siyaqhubeka nokutakula," kusho umqondisi ophethe amasosha atakulayo uDan Mishio.

Phambilini bebebathathu abantu ebekubikwe ukuthi bashonile, babe ngu-51 abatakulwe bephila.

Kulindeleke ukuthi kutheleke ithimba labatakuli abangu-18 abavela kwa-Israyeli, abazozama ukusiza kutakulwe abantu.

Akwazeki ukuthi bangaki abantu ekade bengaphakathi ebhilidini ngesikhathi liwa, ibhilidi leli liyinxaxathela yezitolo enezitezi eziyisithupha.
 




  – Landela IzindabaNews24 kuTwitter (@IzindabaNews24).


NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Phawula kulolu daba
0 izimpawulo
Faka ukuphawula kwakho
Phawula 0 izinhlamvu esezisele
Ezifundwe ukuzedlula zonke
Ezi-emailwe ukuzedlula zonke
Ezithasiselwe ukuzedlula zonke
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 13-20°C Sunny. Mild. Pta: 10-24°C Sunny. Mild.
Jhb: 9-17°C Sunny. Mild. Bloem: 6-16°C Mostly sunny. Cool.
Dbn: 17-22°C Morning clouds. Mild. PE: 11-19°C Passing showers. Clearing skies. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...