Sisashubile isimo eDRC
2012-12-03 10:03
Mugunga Camp - Izikhulu zaseDemocratic Republic of Congo zithi sezinesiqiniseko sokuthi izimayini ezise dolobheni iGoma ziphephile, njengoba amaphekula eqembu i-M23, esephume aphela kule ndawo.
Amaphekula lawa angenisa eGoma, ngeSonto abonakale ephuma emayini, nokho kuke kwanuka umsizi ngesikhathi kuqhuma izibhamu, kuhlaselwa indawo ekhoselise abantu ngasemngceleni ongenela eRwanda.
Izikhulu ze-United Nations zithi kuvulwe amacala okuhlukumeza nawokudlwengulwa, konke lokhu kwenzeke eMugunga, la kukhoseliswe khona abantu abalinganiswelwa ku-35 000.
Ukuhlasela kuze emveni kwamahora ambalwa abe-M23 bephume edolobeni, lokhu kuqubule ukwesabela kokungazinzi kule ndawo.
"Kuhle ukuthi amasosha e-M23 asephumile, uMengameli uJoseph Kabila usezoqala alalele izikhalazo zabo," kusho isikhulu sikahulumeni uLambert Mende, etsela abezindaba ze-AFP.
– "Like" ikhasi lethu
ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.
– Landela Izindaba News24 kuTwitter
(@IzindabaNews24).
- AFP