Siphelile isiteleka sodokotela eMoz
2013-01-16 10:01
Maputo - Odokotela abebesesitelekeni eMozambique babuyele emsebenzini ngemuva kwezinsuku eziyisishiyagalolunye ngemuva kokusayina isivumelwano samaholo nohulumeni.
"Sifinyelele esivumelwaneni kanti ngo-Ephreli izoqala ukunyuka imiholo," kusho ongumengameli weMedical Association eMozambique uJorge Arroz.
Odokotela baduba imijovo ngesonto eledlule bekhala ngamaholo angakhushulwa ngendlela kule minyaka engu-20 eyedlule.
Uhulumeni ugxeke lesi siteleka wathi asikho emthethweni.
- “Like”
ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho
- Landela
IzindabaNews24 kuTwitter
- AFP