Senyukile esabashone emvuselelweni
2013-01-03 11:00
Lisbon - Isibalo sabashone emvuselelweni eyandulele unyaka omusha enkundleni yezemidlalo e-Angola eLuanda, sesinyukele ku-16, kusho iphephandaba lombuso iJornal de Angola ngoLwesithathu.
Abezindaba i-Angop bathe ngoLwesibili kugxobeke kwashona abantu abayishumi kwalimala abangu-120 esangweni laseCidadela Desportiva stadium, okuyilapho i-Universal Church of the Kingdom of God (IURD) ibihlele khona imvuselelo.
Isibalo manje sesinyukele ku-16, kuhlanganisa izingane ezintathu, kusho okhulumela abezimo eziphuthumayo etshela iphephandaba.
I-Angop icaphune uPaulo de Almeida, oyiphini lomholi wamaphoyisa ase-Angola, ethi ezokuphepha bezihleliwe kule mvuselelo kodwa isibalo sabayithamelile saba ngaphezulu kwalokhu obekulindelwe.
Uthe balinganiselwa ku-150 000 abantu abazame ukungena enkundleni emumatha abantu abangu-50 000.
Isikhulu se-IURD ngaphambilini sitshele i-Angop ukuthi ibandla belilindele abantu abalingniselwa ku-70 000.
– Landela Izindaba News24 kuTwitter
(@IzindabaNews24).
- Reuters