Sekufe amakhulu odlameni eSudan
2012-10-17 07:31
Khartoum - Bangaphezu kuka-600 abantu abashone odlameni oluqubuke emadolobheni amabili aseSudan, asemngceleni neSouth Sudan ngonyaka ofile, kusho isikhulu ngoLwesithathu.
Udlambedlu phakathi kwamasosha aseSudan namavukelambuso eSPLM-North
lwaqubuka edolobheni elikhiqiza uwoyela eSouth Kordofan ngoJuni 2011, ngemuva nje kancane kokuthi iSouth Sudan ithole uzimelejeqe.
Udlame lwase lubhebhetheka ngoSepthemba 2011 luya edolobheni iBlue Nile.
Lokhu sekuphoqe inqwaba yabantu ukuthi babaleke bashiye amakhaya bo.
- Landela
IzindabaNews24 kuTwitter
- Reuters