Sebeqala ukunyakaza abe-M23

2012-11-28 14:03

Goma - Abahlali basedolobheni iGoma bathi amavukelambuso eqembu i-M23, aseqalile ukulayisha amaloli ngenhloso yokuphuma kuleli dolobha, elingumongo wezwe iDemocratic Republic of Congo, kusho isikhulu kuhulumeni.

Abahlali bathi maningi amaloli abonakale elayisha impahla, kusho lesi sikhulu esingathandanga ukudalulwa igama.

"Ngokusho kwabo, bayahamba baya eRutshuru naseRumangabo," okungamadolobha asenhla neGoma, avele aphethwe yizidlamlilo.

Lezi zigayigayi ze-M23 zangenisa eGoma kusukela ngoNovemba 20, ngoLwesibili zimemezele ukuthi zizohamba kule ndawo zingakapheli izinsuku ezintathu.

Bazoqhela ngamakhilomitha angu-20, kusho isivumelwano esisayinwe phansi.





 – "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.

 – Landela IzindabaNews24 kuTwitter (@IzindabaNews24).


- AFP

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX

Ngaboniswa ngengozi - TB Joshua

Emizuzwini eyi-50 edlule
Phawula kulolu daba
0 izimpawulo
Faka ukuphawula kwakho
Phawula 0 izinhlamvu esezisele
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 14-22°C Sunny. Mild. Pta: 12-26°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 9-20°C Sunny. Mild. Bloem: 7-23°C Sunny. Mild.
Dbn: 13-19°C Showers late. Mostly cloudy. Cool. PE: 10-19°C More sun than clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...