Sebengu-8 abasePhilippine abashone e-Algeria
2013-01-25 12:01
Manila - Sesifinyelele kwisishiyagalombili isibalo sabantu basePhilippine ababulawe empini eqhutshwa yiqembu lamaSulumane, e-Algeria, kusho izikhulu kuhulumeni.
Owesishiyagalombili osanda kushona ungowesilisa, kusho isikhulu soMnyango wezangaPhandle uRaul Hernandez, ongalidalulanga igama likamufi.
Isidumbu sakhe sihlonzwe yithimba lethu elise-Algeria. Kukhona umuntu oyedwa ongakahlonzwa," kusho uHernandez, etshela abezindaba ze-AFP.
Uhulumeni wasePhilippine uthi abantu abangu-12 basezweni lakhe, basindile esehlakalweni sokuthunjwa esiphethe ngokufa kwabantu abaningi.
Baningi abantu basemazweni angaphandle, ekubikwe ukuthi bashonile ngesikhathi bethunjwe yizihonga e-Algeria.
– "Like" ikhasi lethu
ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.
– Landela Izindaba News24 kuTwitter
(@IzindabaNews24).
- SAPA