Sebengu-13 million abantu eZim
2012-12-18 12:01
Harare - Isibalo sabantu baseZimbabwe sikhuphuke safinyelela ku-13 million, sinyuke ngo-1.1% kusekela kwabalwa eminyakeni engu-10 eyedlule, kusho umbiko we-National Statistics Agency (ZimStats) ngoLwesibili.
Abesifazane yibona abaningi njengoba bengu-6 738 77.
UMengameli uRobert Mugabe usola igciwane lengulazi nesandulela salo ngokungakhuli kwesibalo sabantu.
Nakuba kungu-13% wabantu bakhona abanesandulela ngculazi, iZimbabwe ibonakala yenza kahle njengoba isibalo sabantu abatheleleka ngalesi sifo sehla ngo-50% phakathi kuka-1997 no- 2007, kusho ucwaningo.
Izikhulu zigquqguzela ukusokwa kwabesilisa njengoba ucwaningo lwakhombisa ukuthi kunomthelela ekuthelelekeni ngesandulela ngculazi.
- “Like”
ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho
- Landela
IzindabaNews24 kuTwitter
- SAPA