Odokotela bashiya isidwedwe kowabeletha ngomthungo

2015-10-16 16:05

Bulawayo - Owesifazane waseBulawayo uthe ngoLwesine angeke aphinde abe nezingane ngenxa yobudedengu bodokotela besibhedlela iUnited Bulawayo Hospital(UBH)abashiya isisdwedwe esibelethweni sakhe ngemuva kokubeletha kulesi sibhedlela.

U-Idai Nyika, oneminyaka engu-21 wasePumula North uthe wangeniswa esibhedlela kulindeleke ukuba abelethe ngomhlaka-16 Mashi kulo nyaka wabeletha ngomthungo odokotela bashiya isidwedwe emzimbeni wakhe.

OLUNYE UDABA:  Useyinto yombhede owabeletha ngomthungo

UNyika uthe lesi sidwedwe sitholakale ngemuva kwezinyanga ezine ebelethile esenza i-X-Ray kwase kuphoqeleka ukuba akhishwe isibeletho.

UNyika onengane eyodwa uthe ngenxa yobudedengu besinbhedlela angeke aphinde azithole ezinye izingane.


- “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho                                

 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter                


- News 24

Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 12-18°C Mostly sunny. Mild. Pta: 18-29°C More sun than clouds. Warm.
Jhb: 15-23°C Showers early. More sun than clouds. Mild. Bloem: 12-28°C Drizzle. Morning clouds. Pleasantly warm.
Dbn: 18-19°C Scattered showers. Breaks of sun late. Cool. PE: 12-20°C Mostly sunny. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...