Obelahlekile utholwe esibhedlela kwabagula kakhulu

2015-11-05 14:28

Bulawayo - Ibhungu elineminyaka engu-17 ubudala okwabikwa ukuthi lidukile ngoJulayi litholwe esibhedlela saseBulawayo i-United Bulawayo Hospital ngemuva kokuhlala isikhathi esingangenyanga egumbini labagula kakhulu.

U-Albright Munkuli waseMbundane ofunda esikoleni iHamilton High utholwe kulandela umbiko owavela ephephandabeni iThe Chronicles ngoLwesibili.

Lelibhungu langena esibhedlela ngoJulayi kwaze kwashaya u-Agasti lihlezi egumbini labagula kakhulu kanti alikwazi ukukhuluma ngemuva kokushayiswa yimoto eyabaleka.

OLUNYE UDABA: Ingane kangqongqoshe yangcwatshwa ingenayo inhliziyo

Kubthiwa leli bhungu lalahlekelwa yingqondo ngemuva kokushayiswa yimoto okwenza kwanzima ukuba abakubo basheshe bazi ngesigameko.

Amaphoyisa axhumana nabomndnei ngopLwesibili ngemuva kokuba umama waleli bhungu ekhiphe udaba lokulahlekelwa yindodana yakhe ephephandabeni.

UMunkali waduka ngomhlaka-26 Julayi.

Umama kaMunkali uVaraidzo Munkuli uye esibhedlela ngoLwesibili ngemuva kokwazisa ngamaphoyisa ukuba eyobheka esibhedlela kulandela ukubuka kwakhe ngokudukelwa yindodana.

"Amaphoyisa angishayela ucingo ngoLwesibili ekuseni angitshela ngomfana osesibhedlela ocishe afane nalo engimchaze ephepehni."

 - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho                                

 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter



- News 24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 12-22°C High level clouds. Mild. Pta: 14-29°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 12-25°C Sunny. Pleasantly warm. Bloem: 8-30°C Sunny. Pleasantly warm.
Dbn: 17-21°C Partly cloudy. Cool. PE: 15-19°C Decreasing cloudiness. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...