Ningaziphindiseleli - Kutshelwa iMali

2013-01-31 10:03

Washington - IMelika isishaye ikhwela kubantu baseMali, yathi akumele bazame ukuziphindiselela kubahlaseli babo, njengoba esethelekile amasosha aseFrance azozama ukwelekelela.

IMali ibhekene nempi eqhutshwa yiqembu lamaSulumane, ekuthiwa lidlelana ne-al-Qaeda.

Amasosha atheleke esikhumulweni sezindiza eKidal, ngoLwesithathu, ngenhloso yokuzoqhuba umkhankaso wokuqeda impi.

IMelika income ukusukuma kwamasosha aseFrance, nokho yaxwayisa ngokuthi zizokuba khona izingqinamba njengoba amasosha ezozama ukubuyisela umhlaba odliwe ngamaphekula.

"Siyawuncoma umsebenzi weMali kanye namasosha aseFrance. Siyacela abantu nje bezwe bangazihlanganisi nempi eqhutshwa ngabeTuaregs, nanoma ngubani omunye," kusho okhululmela uhulumeni waseMelika uVictoria Nuland.




 – "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.

 – Landela Izindaba News24 kuTwitter (@IzindabaNews24).

- SAPA

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Phawula kulolu daba
0 izimpawulo
Faka ukuphawula kwakho
Phawula 0 izinhlamvu esezisele
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 16-23°C Morning clouds. Mild. Pta: 16-29°C More sun than clouds. Pleasantly warm.
Jhb: 13-25°C Sunny. Mild. Bloem: 12-31°C Sunny. Pleasantly warm.
Dbn: 16-23°C More sun than clouds. Mild. PE: 15-22°C Sunny. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...