Nikelani ngemizuzu engu-89 - Zanu-PF

2013-02-21 12:01

Cape Town – Iqembu likaMengameli Robert Mugabe iZanu-PF isinxuse abantu baseZimbabwe ukuthi banikele ngemizuzu engu-89 ekwenzeni okuhle ukubungaza usuku lokuzalwa kwalo mholi ongumakadebona.

UMugabe wazalwa ngoFebhuwari 21 eminyakeni engu-89 eyedlule.

Ngokwephephandaba loMbuso iHerald Online, uNobhala weZanu-PF kweziphathelene nentsha, u-Absolom Sikhosana uthe lo mbono uqhamuke ngokubona okuhle uMugabe aqhubeka nokukwenzela izwe.

"Uyisibonelo esihle njengomengameli kanti kubalulekile ukuthi simhloniphe siqhakambise nendlela athanda ngayo abantu nokuzinikela ekusebenzeleni abantu," esho.


 - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho

 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter

- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Phawula kulolu daba
0 izimpawulo
Kuvaliwe ukuphawula kulolu daba.
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 17-19°C Rain. Morning clouds. Pleasantly warm. Pta: 18-33°C Mostly sunny.
Jhb: 17-27°C More sun than clouds. Bloem: 16-33°C Rain early. More sun than clouds. .
Dbn: 19-24°C Rain late. More sun than clouds. . PE: 17-22°C Afternoon clouds.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...