Ngibophe futhi - Oweqembu eliphiksayo
2013-01-28 10:02
Lusaka - Umholi weqembu eliphikisayo eZambia uHakainde Hichilema, usephonsele uMengameli uMichael Sata inselelo ethi akaphinde futhi ambophe.
UHichilema usho kanjena ngesikhathi iqembu lakhe libambe umbhikisho walo wokuqala, kusukela uSata abuyela esikhundleni ngoSepthemba 2011.
"Angeke ngiyeke ukukhulumela abantu baseZambia, uma uSata ethanda angangibopha kuze kube ka-200. Umehlulile umsebenzi, manje usefuna ukubopha abaholi abaphikisayo. Angeke ngiyeke ukukhulumela abantu," kusho uHichilema etshela izinkumbi zabalandeli beqembu lakhe i-United Party for
National Development (UPND).
Lo mholi waboshwa mhlaka-17 Januwari, ubhekene necala lokwedelela umengameli nelokuqamba amanga.
– "Like" ikhasi lethu
ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.
– Landela Izindaba News24 kuTwitter
(@IzindabaNews24).
- SAPA