Ngibone bezimoshela ukudla nje - Cinton

2012-07-17 12:01

Jerusalem - UNobhala woMbuso eMelika uHillary Clinton uthe akabanga nandaba ngokuhlaselwa ngokudla okwenzeke ngesikhathi ehambele eGibhithe, wathi ubone ukuthi abantu banelukuluku lokufuna inkululeko wathi isenzo sokumhlasela ngotamatisi singukumosha ukudla.

NgeSonto ababhikishi bajikijele ngotamatisi imoto ebihamba uClinton, kwashayeka isikhulu saseGibhithe.

UClinton uthe kumele kube khona uguquko eGibhithe, wathi azingagunyazwa izenzo ezifuze lesi esenzekile futhi abantu abaphula umthetho babhekane nengalo yomthetho.

"Uma kungase kusheshiswe uhulumeni ozolungisa izinto, izimo ezinjena zingagwemeka. Abantu bayokwazi ukuzibamba ngoba bazobe bazi ukuthi bazoboshwa. Nokho-ke angibanga nandaba nokujikijelwa," kusho uClinton ekhuluma eseJerusalema.

"Ngibonga ukuthi akukho muntu olilmalalile."



 – "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.

 – Landela IzindabaNews24 kuTwitter (@IzindabaNews24).


- Reuters

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Phawula kulolu daba
0 izimpawulo
Faka ukuphawula kwakho
Phawula 0 izinhlamvu esezisele
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 16-25°C Sunny. Warm. Pta: 19-30°C Rain late. Afternoon clouds. Warm.
Jhb: 16-26°C Showers late. Afternoon clouds. Warm. Bloem: 14-31°C Sunny. Pleasantly warm.
Dbn: 16-21°C Showers late. Increasing cloudiness. Cool. PE: 16-18°C Showers early. Morning clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...