Ngeke silwe neTanzania - Malawi

2012-08-15 14:04

Blantyre - UMengameli waseMalawi uJoyce Banda uthe angeke kube khona impi phakathi kwezwe lakhe neTanzania mayelana nombango womngcele iLake Malawi, ekubhekeke ukuthi ibe yisizinda sikawoyela negesi.

"Ngisho kungathiwa izingxoxo aziphumeleli, angeke ibe khona impi phakathi kwethu nabafowethu nodadewethu baseTanzania. Zikhona izindlela ezingcono esiyozisebenzisa ukuthola isisombululo."

ITanzania ifuna kumiswe umsebenzi wokuhlanganisa uwoyela, kuqalwe kabusha izingxoxo, inkinga iqale ngonyaka owedlule ngesikhathi iMalawi inika inkampani yaseBrithani igunya lokuzophehla uwoyela.

UBanda ube ngumengameli ngenyangaka-Ephreli ngesikhathi kudlula emhlabeni uMengameli uBingu wa Mutharika, okunguhulumeni wakhe owakhipha imvume.



 – "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.

 – Landela IzindabaNews24 kuTwitter (@IzindabaNews24).


- AFP

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Phawula kulolu daba
0 izimpawulo
Faka ukuphawula kwakho
Phawula 0 izinhlamvu esezisele
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 14-20°C Sunny. Mild. Pta: 3-21°C Sunny. Mild.
Jhb: 4-16°C Sunny. Refreshingly cool. Bloem: 0-19°C Sunny. Mild.
Dbn: 10-27°C Sunny. Mild. PE: 15-24°C Sunny. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...