Makuphenye ngesihluku samasosha - Inhlangano
2012-10-03 12:01
Nairobi - Inhlangano yamalungelo abantu i-Amnesty International icele uhulumeni waseSouth Sudan ukuthi uphenye "ngezigameko ezishaqisayo zokuhlukunyezwa kwamalungelo abantu", nokwenziwa ngamasosha ezwe.
"ISouth Sudan kumele ikusukumele phezulu ukuhlukunyezwa kwamalungelo abantu okubandakanya ukushaywa kanzima, ukudutshulwa nokubezwa ngokocansi kwabantu abangenacala eJonglei
State," kusho le nhlangano ezinze eLondon esitatimendeni.
Lokhu kuhlasela kuthiwa kwabulala abantu ababalelwa ku-900 kusukela kwaqala udlame lomkhaya ngoDisemba.
- “Like”
ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho
- Landela
IzindabaNews24 kuTwitter
- Sapa - AFP