Makulawulwe ukuthengwa kwezikhali - Sirleaf
2012-07-13 12:06
Geneva – UMengameli waseLiberia u-Ellen Johnson-Sirleaf ngoLwesine uthe i-Afrika izobhekana nezinxushunxushu njengezwe lakhe, uma nje ezingxoxweni izithunywa zamazwe zingavumelani ngomthetho oqinile ozolawula ezokuhwebelana ngezikhali.
Lo mengameli owanqoba indondo eyaziwa ngeNobel Peace Prize utshele izithunwa zamazwe ezisezingxoxweni ukuthi banethuba eliyingqayizivele ukuba bavumelane ngomthetho oqinile ozolawula ezokuhwebelana ngezikhali.
"Izehlakalo zaseLiberia nezinye zamazwe ase-Afrika kanye nezasemazweni omhlabo zikhombisa ukuthi ngaphadle kwesivumelwano esifana nalesi, udlame lwezikhali lusazoqhubeka,” usho kanje enkulumweni yakhe ebiboniswe nge-video eseMonrovia.
Izimpi zaseLiberia phakaphi kuka-1989 no-2003 zashiya kubulewe abantu abalinganiselwa ku-250 000.
- “Like”
ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho
- Landela
IzindabaNews24 kuTwitter
- AFP