Luyaqhubeka udlambedlu e-Egypt

2012-12-12 07:30

Cairo - Kube nezidubedube ngesikhathi labo abeseka uMengameli Mohammed Morsi begasela ematendeni agxunyekwe ngabamaqembu aphikisayo ngaphandle kwekomkhulu.

Kunuke umsizi kwakhala nesibhaxu kushaywa ababhikishi abamelene nalo mholi.

Lesi sigameko esigcine ngokuchitheka kwegazi sibeka engcupheni ezombusazwe ezivele zintenga e-Egypt.

Kanti kubukeka sengathi lusazoqhubeka udlame phakathi kwabamaqembu aphikisayo kanjalo nalabo abathembeke kuMorsi.

Abamaqembu aphikisayo bakhala ngokuthi uMorsi ukhiphe amasosha anesipiliyoni ukuba azoqeda ngabo.



 - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho

 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter


- Sapa - AP

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Phawula kulolu daba
0 izimpawulo
Faka ukuphawula kwakho
Phawula 0 izinhlamvu esezisele
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 17-25°C Sunny. Mild. Pta: 5-23°C Sunny. Mild.
Jhb: 4-18°C Sunny. Mild. Bloem: 2-21°C Sunny. Mild.
Dbn: 8-22°C Morning clouds. Cool. PE: 13-25°C Sunny. Pleasantly warm.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...