Luqalile ukhetho lukazwelonke eGhana
2012-12-07 12:01
Accra - Seluqalile ukhetho lukazwelonke eGhana nokubhekwe ekutheni luvivinye intando yeningi kuleliya lizwe elisentshonalanga ne-Afrika ngoLwesihlanu.
Babalelwa ku-13.6 million abantu okulindeleke ukuthi bavotele umengameli olandelayo waseGhana namalungu angu-275 esiShayamthetho kuleli lizwe elicebe ngo-cocoa nowoyela.
Lo kulindeleke ukuthi kube ngumjaho ovuthayo phakathi komholi uJohn Dramani Mahama, weNational
Democratic Congress (NDC), nembangi yakhe enkulu uNana Akufo-Addo, weNew Patriotic Party (NPP).
Okhethweni luka-2008, ilungu le-NDC, uJohn Atta
Mills, wanqoba ukhetho ngamavoti angu-40 000 wabusa kwaze kuba udlula emhlabeni ngoJulayi.
Imiphumela yokuqala yokhetho kulindeleke ukuthi iminyezelwe emahoreni angu-48 kuvalwe ukuvota.
- “Like”
ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho
- Landela
IzindabaNews24 kuTwitter
- Sapa-DPA